2 Chronicles 16
1 Kwathi ngonyaka wama-36 wokubusa kuka-Asa, uBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka wayohlasela uJuda. Wakha iRama ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa, inkosi yakwaJuda.
2 U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaSimakade neyasesigodlweni senkosi, wakuthumela kuBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, wathi:
3 “Makube khona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengoba sasikhona naphakathi kukababa noyihlo, phela sengithumele isiliva negolide; hamba wephule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze asuke kimi.”
4 UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe, bahlasela imizi yakwa-Israyeli. Banqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Mayimi, nayo yonke imizi yakwaNafethali, eyayiyizinqolobane.
5 Kwathi ukuba uBhahasha akuzwe lokho, wayeka ukwakha iRama, wawumisa umsebenzi wakhe.
6 Kepha u-Asa, inkosi, noJuda wonke, bahamba bathatha amatshe eRama nemithi uBhahasha ayakhe ngakho. Wakha ngakho iGebha neMizpha.
7 Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.
8 AmaKhushe namaLubi ayengesiyo yini impi enkulu, enezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokuba wawuthembele kuSimakade, Yena wayinikela esandleni sakho.
9 Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”
10 U-Asa wamthukuthelela umboni, wayesemfaka ejele, ngokuba wathukuthela ngenxa yale nto umboni ayemtshele yona. U-Asa wabacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.
11 Bheka, izindaba zika-Asa, ezakuqala nezakamuva, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.
12 Kwathi ngonyaka wama-39 wokubusa kwakhe u-Asa, wahlaselwa yisifo ezinyaweni zakhe; isifo esasimphethe sasinzima kakhulu, kodwa akamfunanga uSimakade ngenxa yaso; waya ezinyangeni.
13 U-Asa walaliswa kokhokho bakhe, wayekhothame ngonyaka wama-41 wokubusa kwakhe.
14 Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.